Inkampani yaphesheya ngeke yakwazi ukwenza isicelo sokubhalisa eNingizimu Afrila. Zinkampani ezibhalise lapha ezweni kuphela, isakhamuzi saseNingizimu Afrika, noma inhlangano esemthethweni ebhalise eNingizimu Afrika engenza isicelo somanyolo.
ukudidiyelwa komanyolo okukhulunywa ngakho, kungeke kwahluka kudidiyelo olubhalisiwe imininingwane kanye namagama amukelwe kwilebuli noma kumphongolo ngeke kwaguqulwa ngaphandle kwemvume ebhaliwe ka-Registrar imibandela ebekiwe ngesikhathi sobhaliso kumele ilandelwe ubhaliso okukhulunywa ngalo ngeke lwadluliselwa kwabanye osayizi bezikhwama noma bemiphongolo ngeke bashintshwa ngaphandle kwemvume ebhaliwe ebuya ku-Registrar.
Isicelo sobhaliso lokudla kwemfuyo kanye nomanyolo kumele sibe nalokhu incwadi ehambisana nesicelo ebuya kulowo obhalisile, noma kulowo oqokelwe ukumela obhalisile.
igama le-product inombolo yobhaliso uma iproduct isibhalisiwe isizathu sokuthumela isicelo incwadi yokuvuma uma kudingeka imvume kulowo obhalisile inani lemali okumele ikhokhelwe amasheke athunyelwa odwa angahambi nesicelo kumele ahambisane nencwadi yencazelo i-formulation sheet.
Umuntu oqokwe ngokomthetho, okumele kube nguye ozoxhumanisa inkampani no-Registrar, kumele asayine amafomu ezicelo.
Igama kanye nenombolo yobhaliso ye-product kumele isetshenziswe njengoba kuchaziwe kwisitifikedi sobhaliso . Noma yiluphi ushintsho, ngisho noma luluncane kangakanani, luzothathwa njengesichibiyelo.
Fakela amafomu ezicelo kwihhovisi lezokuphatha. Ukuhambisa amafomu kuma-Technical Adviser, kuzochitha isikhathi ngokubambezela inqubo.
kumele abhalwe ngokucacile.
musa ukufakela izinombolo kwizixwayiso kanye nezeluleko zokuphepha.
yonke imininingwane kumalebuli kumele ihambelane ncamashi naleyo efakelwe kwifomu lesicelo.
Ubhaliso kamanyolo , ingathatha izinyanga ezintathu ukuya kwezine.
